Saturday, 31 July 2010
Print PDF
Back to previous page

[graphic: question mark symbol]

Isebenza kanjani i-Fundisa?

  • Ngonyaka nonyaka uzothola ibhonasi engumvuzo wokonga imali yemfundo yengane. Inani lebhonasi lingaze lifike ku-25% (ikota eyodwa) wemali oyongayo ngonyaka owodwa, ukufinyelela kumkhawulo ka-R600 ngengane iyinye.
  • Lokhu kusho ukuthi uma wonga u-R100 ngenyanga kuze kuphele unyaka (u-R1 200 ngonyaka), uzothola omunye u-R300 ngonyaka, okuyimali yokukhokhela imfundo yengane yakho.
  • Akukho mkhawulo obekiwe maqondana nesibalo sabantu (abatshali-zimali) abangabeka imali beyibekela umfundi oyedwa. Kodwa-ke inani elikhulu kunawo wonke lebhonasi engabekelwa umfundi ngamunye ngonyaka ngu-R600 ngisho noma ngabe kuthiwa bangaki abatshali-zimali ababekela lowo mfundi imali.
  • Ukuze umtshali-zimali athole ibhonasi enkulu kunayo yonke, okungu-R600, lowo mtshali-zimali kudingeka onge imali engu-R2 400 seyiyonke kulowo nyaka.
  • Uhulumeni kanye nezinkampani zama-unit trust sebevumelene ngokuthi bazoxhasa iprojekthi esahlolwa (pilot) yeminyaka engu-3 ukuze babone ukuthi nizimisele yini ngokonga imali yemfundo yezingane zenu. Ngakho-ke ibhonasi inikezwa abatshali-zimali ngendlela yokuthi ofike kuqala kube nguye othola umvuzo kuqala. Labo okube ngabokuqala ukonga imali kwi-akhawunti ye-Fundisa Fund yibo abazoba ngabokuqala ukuthola lowo mvuzo, ngenxa yokuthi imali ebekelwe amabhonasi kule projekthi esahlolwa inomkhawulo.
  • Le mali yebhonasi akuyona eyakho – yilowo mfundi ombekela ukuthi afunde ngayo kuphela ongayisebenzisa.
  • Uma ufuna ukuyikhipha imali yakho kwi-akhawunti ye-Fundisa Fund ungayikhipha, kodwa-ke ngeke ukwazi ukuyithola ibhonasi ka-25% obukade uzoyithola. Kuzothatha izinsuku ezimbili zokusebenza ngaphambi kokuba ukwazi ukuthola imali yakho kwinkampani yama-unit trust noma kwibhangi owavula kulo i-akhawunti yakho ye-Fundisa Fund, uma kunesidingo ngempela sokuthi uyikhiphe imali yakho.
  • Uma lowo mfundi ekhetha ukungaqhubeki nokufunda, ngeke ukwazi ukuyithola ibhonasi ngaphandle uma ubuye wakhetha omunye umfundi ukuthi athathe indawo yalowo.
Uma le bhonasi ingasetshenziselwanga ukukhokhela izifundo zanoma imuphi umfundi, ngeke ukwazi ukuyithola.