Saturday, 31 July 2010
Print PDF
Back to previous page

[picture: graduation cap & certificate]

Isipho sengane yakho semfundo eseqophelweni eliphezulu – nge-Fundisa Fund, khulisa izimali ozongela ingane yakho maqondana nemfundo ephakeme.

I-Fundisa Fund yi-akhawunti yokonga ebhekela imfundo futhi enenhlobo yebhonasi yohlobo lwayo yodwa. Le bhonasi iyinani lokwengezela elingu-25% wemali oyongayo – ukufinyelela ku-R600 ngonyaka owodwa, kanti futhi le bhonasi ifakwa phezu kwemali oyongayo ngonyaka nonyaka. Le bhonasi yakhiwe ngokusebenzisana (joint venture) phakathi kukahulumeni kanye nezinkampani ezihlukene zama-unit trust futhi kuhloswe ngayo ukwelekelela wena ukuze ukwazi ukutholela ingane yakho noma omunye umfundi omkhethile imfundo eseqophelweni eliphezulu futhi eqinisekiswe ngabasemagunyeni ezemfundo ekolishi likawonkewonke noma enyuvesi.

Qala ukonga khona manje

Cofoza lapha ukuze uthole ulwazi olubanzi nge-Fundisa
Cofoza lapha ukuze uthole ukuthi ungayivula kanjani i-akhawunti yokonga ye-Fundisa
Cofoza lapha ukuze uvule ifomu yesicelo se-Fundisa Fund