Back to previous page
Isebenza kanjani i-Fundisa?
- Ngonyaka nonyaka uzothola ibhonasi engumvuzo wokonga imali yemfundo yengane. Inani lebhonasi lingaze lifike ku-25% (ikota eyodwa) wemali oyongayo ngonyaka owodwa, ukufinyelela kumkhawulo ka-R600 ngengane iyinye.
- Lokhu kusho ukuthi uma wonga u-R100 ngenyanga kuze kuphele unyaka (u-R1 200 ngonyaka), uzothola omunye u-R300 ngonyaka, okuyimali yokukhokhela imfundo yengane yakho.
- Akukho mkhawulo obekiwe maqondana nesibalo sabantu (abatshali-zimali) abangabeka imali beyibekela umfundi oyedwa. Kodwa-ke inani elikhulu kunawo wonke lebhonasi engabekelwa umfundi ngamunye ngonyaka ngu-R600 ngisho noma ngabe kuthiwa bangaki abatshali-zimali ababekela lowo mfundi imali.
- Ukuze umtshali-zimali athole ibhonasi enkulu kunayo yonke, okungu-R600, lowo mtshali-zimali kudingeka onge imali engu-R2 400 seyiyonke kulowo nyaka.
- Uhulumeni kanye nezinkampani zama-unit trust sebevumelene ngokuthi bazoxhasa iprojekthi esahlolwa (pilot) yeminyaka engu-3 ukuze babone ukuthi nizimisele yini ngokonga imali yemfundo yezingane zenu. Ngakho-ke ibhonasi inikezwa abatshali-zimali ngendlela yokuthi ofike kuqala kube nguye othola umvuzo kuqala. Labo okube ngabokuqala ukonga imali kwi-akhawunti ye-Fundisa Fund yibo abazoba ngabokuqala ukuthola lowo mvuzo, ngenxa yokuthi imali ebekelwe amabhonasi kule projekthi esahlolwa inomkhawulo.
- Le mali yebhonasi akuyona eyakho – yilowo mfundi ombekela ukuthi afunde ngayo kuphela ongayisebenzisa.
- Uma ufuna ukuyikhipha imali yakho kwi-akhawunti ye-Fundisa Fund ungayikhipha, kodwa-ke ngeke ukwazi ukuyithola ibhonasi ka-25% obukade uzoyithola. Kuzothatha izinsuku ezimbili zokusebenza ngaphambi kokuba ukwazi ukuthola imali yakho kwinkampani yama-unit trust noma kwibhangi owavula kulo i-akhawunti yakho ye-Fundisa Fund, uma kunesidingo ngempela sokuthi uyikhiphe imali yakho.
- Uma lowo mfundi ekhetha ukungaqhubeki nokufunda, ngeke ukwazi ukuyithola ibhonasi ngaphandle uma ubuye wakhetha omunye umfundi ukuthi athathe indawo yalowo.
How Does Fundisa Work?

