Back to previous page
Izokhula kanjani i-akhawunti yakho ye-Fundisa Fund?
- Imali yakho izothenga ama-income unit trust angenisa imali ngezikhathi nezikhathi.
- Kulawa ma-unit trust imali itshalwa kumasheya ezindawo zikahulumeni futhi ifakwa nasemabhangi. Uzothola inzalo (imali engenayo) kanye nokwanda kwemali yakho ekuhambeni kwesikhathi uma uyitshale ngale ndlela.
- Leyo bhonasi ozoyithola nayo izofakwa phezu kwale mali osuyongile.
- Uzothunyelelwa isitatimende kanye ngonyaka esizokhombisa ama-akhawunti amabili. I-akhawunti yokuqala izokhombisa zonke izimali ezongiwe yilowo otshale izimali kanti i-akhawunti yesibili izokhombisa inani laleyo bhonasi elifakiwe ngaphezulu noma elincishisiwe kunyaka nonyaka.
- Ibhonasi ibalwa ngo-Okthoba kunyaka nonyaka bese ifakwa kwi-akhawunti yebhonasi yakho ngoJanuwari wonyaka olandelayo.
- Ungazibonela ukuthi isikhule kangakanani imali oyonga kwi-Fundisa Fund ngokuthi uzifundele amanani ama-unit trust emaphephandabeni. Imali ye-unit ngayinye ye-Fundisa Fund kufuneka iphindaphindwe ngenani lama-unit onawo – uzobona kwisitatimende sakho ukuthi mangaki ama-unit onawo.
Ama-unit trust angenisa imali okutshalwa kuwo izimali ze-Fundisa Fund aphethwe yilezi zinkampani:


