Back to previous page
Ngubani ongavula i-akhawunti ye-Fundisa Fund?
- Noma ngubani oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma ongumhlali ngokukanomphela ofuna ukusiza ngokufundisa omunye umuntu amthandayo, kuphela nje uma lowo mfundi engowaseNingizimu Afrika.
- Asikho isidingo sokuthi ungaze ube ngumuntu ohlobene nalowo mfundi futhi ungaxhasa noma imuphi umfundi ozikhethele yena.
- Kudingeka ube neMzansi akhawunti noma ube nanoma iyiphi enye i-transaction account yasebhangi futhi ube nomazisi oluhlaza, one-bar code.
- Yonke imali oyongayo iba ngeyakho kuze kufike isikhathi lapho isikhokhelwa ikolishi likawonkewonke noma inyuvesi eyamukeleke kwabesikhwama sosizo lwabafundi, i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) – okuyiyona agency kahulumeni ebhekene nokukhokhela izikhungo zezemfundo.
Kubalulekile ukuthi unganiki muntu imali ewukheshi ngaphandle kwezinkampani zama-unit trust noma amabhangi ongavula kuwo i-akhawunti ye-Fundisa Fund. Kufuneka uqinisekise ngaso sonke isikhathi ukuthi uthola irisidi njalo uma ufaka imali kwi-akhawunti yakho ye-Fundisa Fund.
Zinto zini ezidingekayo maqondana nalowo mfundi omkhethile?
Lowo mfundi omkhethile:
- kufuneka abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika;
- kufuneka alethe ikhophi kamazisi wakhe oluhlaza futhi one bar-code noma isitifiketi sokuzalwa; futhi
- kufuneka aqale ukufunda engakayihlanganisi iminyaka engu-35 ekolishi likawonkewonke noma enyuvesi esebenzisana nesikimu sosizo lwabafundi se-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Umuntu ongumtshali-zimali angazivulela futhi i-akhawunti ye-Fundisa Fund ukuze onge imali yokuzifundisa yena siqu esikhungweni semfundo ephakeme.
Who can open an account?

